Рет қаралды 7,278
Ingqikithi; Siqhakambisa ubuciko bomlomo, silondoloza umlando sigiya ngezibongo zamakhosi. Inhloso; 1. ukuthola izindlela ezingaqhakambisa ubuciko bezimbongi phakathi kwentsha. 2. Ukuthola izindlela zokuvuselela kwezilimi, umlando wabomdabu. 3. Ukuzama ukuvuselela Ubuntu ngokusebenzisa ubuciko nendabuko yethu. 4. Ukuveza ukubaluleka komlando nobucikomlomo bezimbongi. 5. Ukuveza ukubaluleka kokuthi sazi imvelaphi yethu ngoba izibongo ziqukethe wonke umlando wesizwe. 6. Ukuzinika ithuba eliyivela kancane lokuthuthukisa ulwazi lwentsha ngamakhosi omdabu kanye nomlando. 7. Ukuthola ukuthi ubuciko namasiko kungabahlanganisa kanjani abantu abasha. 8. Ekugcineni sikhuthaze izindlela zobuciko ezifana nokubhala, ukwakha umuntu, sakhe isizwe.