No video

Umshana uma eseganiwe uvusa uMuzi kabani?

  Рет қаралды 14,295

Impunga Yesintu TV

Impunga Yesintu TV

Күн бұрын

Kunobungozi obukhulu ukuthi umshana uma eseganiwe kuthiwe akayovusa umuzi kayise, umazela kuphi uyise?

Пікірлер: 109
@NonhlanhlaSosiba
@NonhlanhlaSosiba 3 ай бұрын
Siyabonga kakhulu ngohlelo sifunda okuningi
@Styl846
@Styl846 Жыл бұрын
Mpunga!! Kuyezwakala kodwa u part 2 uyadingeka ngoba Kuhlukene ukuzalelwa komalume, Kukhona umuntu owaphikwa uyise, Kukhona okwalotsholwa kwangagcacgwa ngezizathu ezithize. kukhona owazaleka ngokuhlukumezeka ngokocansi. Ngicela uchaze lapho nje ukuty engabe labobashana kwenziwa ngendlela efanayo yini kubona 🙏
@NgonyamaShobane775
@NgonyamaShobane775 Жыл бұрын
Siyakuzwa mpunga yesintu kodwa lento ngathi uyithatha personal, ihamba ihambe kahle inkulumo yakho ishayisane ekugcineni , uzothini mangabe ubakwa Mbanjwa sebefuna ukukhipha ihlawulo ubize uphinde usebenzise isbongo Sabo, njalo ingane , isizukulwane sakho sobiza siphi isbongo, sisebenzise siphi. Hmmmmm .
@khanyisanimkhize4690
@khanyisanimkhize4690 10 ай бұрын
Ingakho ngingavumelani nale ncazelo yakhe. Iyabhimba. Iyaphambana kakhulu
@mthunzijesomnyamankosi54
@mthunzijesomnyamankosi54 Жыл бұрын
Ngyabonga Mpunga Yesintu, ngesonto bengenza lowo msebenzi ngibika ngembuzi kwaGogo ngibikela uMkhulu ngenxiwa lakhe englula kulo igceke lakhe , kuthe izolo ekseni kulomuzi kaMkhulu bengiwbika , ngabona intethe eluhlaza engajwayelekile, ngithe mangbuza abalaphi bath, ingeyeZalukazi zakoMama ibika ukuth baphakathi. Impela asingadukiswa awuziyeli kobaba ungalandiwe . Ngyabonga Mshana wakoFuze 🤝🤝🤝🤝🤝
@Usobhokweni
@Usobhokweni 3 ай бұрын
Amen siyabonga Khehla
@nkosingiphilengcobo8885
@nkosingiphilengcobo8885 Жыл бұрын
Cha Mpunga ngiyakuzwa kodwa ngicela ukuphika mina. Kwenze ka kanjani ukuthi abantu uma behlangana nami bangibize ngesibongo sikababa kodwa umuzi engiwakhile ubizwe ngesinye isibongo. Izingane zami nazo ziphinde zisebenzise isibongo sikababa kodwa umsamo kube owesinye isibongo?
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Lapho nginawe Fuze
@Cvx44
@Cvx44 Жыл бұрын
Nduna KaNdaba siyabonga ngokùthi usichazele kahle isiZulu
@mthokozisimthembu1160
@mthokozisimthembu1160 Жыл бұрын
Siyabonga Qadi
@thabanimthethwa3994
@thabanimthethwa3994 Жыл бұрын
Siyabonga mpunga ngicela ukubuza ukuthi uyazishisela yini impepho kwamalume manje nezingane Sakho zizophahla khona kwamalume wakh isizukulu Sakho Naso sizophahla khona
@SihleGambu
@SihleGambu Жыл бұрын
Siyabonga, ngingayijabulela impedula la nami.
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Exactly lento engingayizwa mina at all ngoba kumele kube khona olungisa aqede nya ngochungechunge lomlanjwana bakwethu.Asikwazi ukuqhubeka entweni engaqondile futhi engalungile....ukuzalela ekhaya kwakuyichilo futhi kungavumelekile endulo,noma ngabe izinhlanhla uzithola ethongeni lakubo mama lokho Akusho ukuthi lahlekisa iyngane ungabe usaqondisa izinto uye esibongweni sobabamkhulu bakho abazala uyihlo.
@SihleGambu
@SihleGambu Жыл бұрын
@@mzwakhethenjwayo3618 layifike ibe inkinga kakhulu abazukula bakho bayogcina sebenganana nezingane zabafwenu ngoba phela kuyaba sekuphela du ngesibongo sesende.
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
@@SihleGambu impela mtaka baba idinga ukuthi ilungiswe,asikwazi ukuthi sonke nezingane nabazukulu singaba yimilanjwana,kanti elakobaba lona ithongo alisithandi noma asilithandi?kanti lona angeke lisasisebenzela,kuyohamba kudale ulaka ethongeni lako baba uma kuzonakwa ithongo lako malume lodwa,bese siba namashwa.
@thobilekunene6209
@thobilekunene6209 Жыл бұрын
Mpunga, Uma ngabe bemlobola umntwana emva kokugcagcelwa ingabe lokho kulungile yini,awukhanyise lapho baba
@mfanafuthimncwabe3627
@mfanafuthimncwabe3627 6 ай бұрын
Uyakhulisa bhuti Siyabonga kakhulu izinto ezibalulekile lezi.
@djtwitty8296
@djtwitty8296 Жыл бұрын
Mpungaaaaaaa!!!! uphiwe ubuhkakani obujulile nobuyiqiniso....uqhubeke njalo nomsebenzi wakho omuhle ..amen
@itisdalo
@itisdalo Жыл бұрын
Yabina Mpunga mawu lokhe ufundisa ngemilanjwana ngiyachazeka. Sibaningi abazali bethu bengagcagcile sikhosele ngaphansi kwamathongo asekhaya koMalume. 🙌🏽🙏🏾
@ukukhanya_kuyeza
@ukukhanya_kuyeza Жыл бұрын
Patiently waiting for part 2 ngyaythanda lena
@manyananihlwatika726
@manyananihlwatika726 Жыл бұрын
Ndikuvile mpunga yesizwe🙏🏾
@wangadlepu4076
@wangadlepu4076 Жыл бұрын
Molo Mhlekazi Nalapha eBloemfontein siyakwazi...... Khula khula khula MhlekaziMpunga ....
@sabelosiphamandla7474
@sabelosiphamandla7474 5 ай бұрын
Siyabonga kakhulu le channel ibalulekile futhi iyasikhulisa siyacela nje niyiqhube njalo❤ Impuuuuuuungaa
@qabungamqadi6197
@qabungamqadi6197 Жыл бұрын
Wamane wakhuluma ngami uqobo manje, kodwake mina ngiyafisa ukuba sixoxe ubuso nobuso, ngiyathokoza Mpunga
@nthabisengsimelani329
@nthabisengsimelani329 Жыл бұрын
Siyabonga mkhulu ngeseluleko 👏👏 kuyosiza abaningi kuthi ba alele le ndaba
@kingsnest6584
@kingsnest6584 Жыл бұрын
Eve ngijabulile ukukubona ekhaya lomphefumulo uqhubeke njalo nje mpunga usithekelele ngolwazi siyabonga 🙌🏾
@MchazileShandu-cn8mj
@MchazileShandu-cn8mj Жыл бұрын
Ngicela ukubuza baba uma kukuthi ngikhulele ekhaya lababa komalume ngingazi ukuthi kukuphi kodwa bengakhokhe lutho kababa ngingenze njani
@zolamazibuko2762
@zolamazibuko2762 Жыл бұрын
Siyabonga Impunga Yesintu🎉🤝🏾
@Usobhokweni
@Usobhokweni 3 ай бұрын
Uqinisile Khehla
@syabongawelcome6579
@syabongawelcome6579 Жыл бұрын
Fathuza
@vusi_binary_magnets_fx
@vusi_binary_magnets_fx Жыл бұрын
Lesimo sifana nse, nemoto yakwa Henry Ford eyithengile ibrand u-ford kodwa umniniyo yimi😅
@khanyisanimngadi8955
@khanyisanimngadi8955 Жыл бұрын
Ngqo😂
@mntwan_wamakhosi
@mntwan_wamakhosi Жыл бұрын
Siyabonga Mpunga Yesintu namanje sisalinde I video ngalezinto ozifake ekhanda ngabe zishoni ngoba ngiphuphe nginikwa Iva le ngungumbane ngabe kuchazan
@mbonaniphiwamandlamandlakh6009
@mbonaniphiwamandlamandlakh6009 Жыл бұрын
Siyabonga Mpunga...abazali bebehlala ndawonye sengisenyuvesi kwaphakama indaba yesibongo, ukuthi kumele sibize esika Gogo. Ngikhulele ngaphandle kukababa nomkhulu ozala umama sikhulelile khona. Umbuzo uthi khona yini ekumele ngikwenze ukubonga kumkhulu nakubaba?
@simphiwebuthelezi575
@simphiwebuthelezi575 Жыл бұрын
Ayi inzima lena Mpunga yesontu, kodwake eyami idinga face to face ngoba phela uma abazali beganene wenza njani uma izinto zakho ziqhamuka komalumo
@snayenothando924
@snayenothando924 Жыл бұрын
Ngyabonga Mpunga yeSintu kuyezwakala uyibeke yacaca okonogwaja omhlophe ugijima ehlungwini,iqiniso limile alisoze lashintsha(ingane ezalelwe komalume eyakomalume)nje finish,akulona ihlazo ukuqanjwa kwegama umlanjwana,so singabantu asifunde ukwamukela isimo sinjengoba sinjalo,,,ukhule wena wakoFuze usifundise kuningi esingakwazi,syabonga
@mazikodeboniswaluzipho9891
@mazikodeboniswaluzipho9891 Жыл бұрын
Siyabonga fuzelam
@melusimakhanya4705
@melusimakhanya4705 Жыл бұрын
Mlekeleli wesizwe sikamthaniya ngesiminya sesintu ntu.🙌 kwande Mpunga.
@mandlangobese1479
@mandlangobese1479 Жыл бұрын
hhhau hhhau yakhuluma Impunga yangeluleka ngathola izibusiso namhlanje ngizolala nginolwazi engizovula ngalo iminyango ngiyowakha owo Xongo o Sihayo umuzi.
@faniedick4064
@faniedick4064 Жыл бұрын
Waybeka yacaca Mpunga👏👏
@thamsanqanhlapo8042
@thamsanqanhlapo8042 Жыл бұрын
Ngiyabonga Mpunga
@josephmbuyisa4107
@josephmbuyisa4107 Жыл бұрын
Kuhlale kuyintokozo njalo ukwethekela kwelakho mkhulu 🤝
@clementmhlongo2491
@clementmhlongo2491 Жыл бұрын
Siyabonga ngengcaciso, kodwa ngicela ukubuza ukuthi Uya nini esibongweni sika Yihlo ukugwema ukuthi kungagcini sekuganana isende lomuntu oyedwa?
@vusi_binary_magnets_fx
@vusi_binary_magnets_fx Жыл бұрын
Hawu Mpunga!!!😊 Wathinta ngqo isimo Sami, 🙆 wakwenza kwacaca njengonogwaja omhlophe, ngiyabonga Mpunga sengiyazi ukuthi uMshado wami ngiyowenzela kuphi🎉🎉ngizokumema🎉😅
@sinenhlanhlanzuza6974
@sinenhlanhlanzuza6974 Жыл бұрын
Kuyazwakala baba. Mina ngocela uke usiphe isihloko uma udlulelwe umntwana kodwa usufuna ukumenzela umsebenzi bese bethi komalume ngeke ukwazi kube kukhona abantu abadala abangenzelwanga ngidinga ukwazi Ukuthi imiswa kanjanileyo ngyabonga
@sphiwengubane8002
@sphiwengubane8002 Жыл бұрын
Inzima mkhulu lento mina kuyinkinga ngisho ukusbiza kuvele kuhliphizeke yonke into.sengakhetha kuthi ngingaba bizi ngisho ngiphahla.ngathenga indawo ngabekwa kwathiwa kuka sithole laykhaya.kwavele kwaphela msebenzi kwabheda.ngaze ngayipha umalume indawo.ngayoqasha ngoba kwakungakheki.until kufika intombi yokomvelase yathi ngeke usaqasha ngizokupha umuzi ngafuna indawo ngaythola ngempela.ngathi kusema bomvini la kuko ncukumane wavuka umuzi....mina kodwa ngakhuliswa kobaba nakhona kanzima🙌🙌🙌🙌impungaaa🙌🙌
@kwaneledamoyi2347
@kwaneledamoyi2347 Жыл бұрын
Andiphikisi... Mpunga umbuzo kum uthi. Ngoku impunga inesphandla somsamo wakomolume. So ingane zayo zakuba neziphandla zakobaba nakomalume. Uvakele.
@lindomvelase9987
@lindomvelase9987 Жыл бұрын
Mina bengifisa ukwazi ukuthi umshana uyawuthetha yini umsamo wakomalume, ngoba ngokwazi kwami kumele kube ngumalume okhulumela umshana.
@mbusombatha8604
@mbusombatha8604 Жыл бұрын
Uyisibusiso eSouth Africa ...inkinga awuyibambi ifoni
@user-el2ic2xs1i
@user-el2ic2xs1i 9 ай бұрын
Ngyabonga mpunga yesintu
@SibongileMlangeniSEM
@SibongileMlangeniSEM Жыл бұрын
Icacile Mpunga 🙏🏽 Waiting for part two in anticipation!
@banelezungu7058
@banelezungu7058 Жыл бұрын
Mpunga, ngampela uwuyena udokotela olapha ngolwazi.
@PhilaniPatrickMthimkhulu
@PhilaniPatrickMthimkhulu Ай бұрын
Mina ngithi awukhulumi namadlozi asekhabomawakho ngoba iyiphutha wena uyakhulunyelwa abekhona wena uyaphakanyiswa awuziphakamis since kumlanjwana okukulethe la kulesbongo sasekhabonyoko sho mpunga yesintu
@khanyisanimkhize4690
@khanyisanimkhize4690 10 ай бұрын
Ngithanda ukungavumelani nalokhu.
@mlondolozindlovu6348
@mlondolozindlovu6348 Жыл бұрын
Mina ngikhulele kobaba angiyenzelwanga lutho yokuthi ngikhishwe komalume futhi akuhlawulwanga ngiyenza njani ngoba ikomalume alisekho ngihlala nomama nobaba kodwa abalobolene ubaba akenze lutho ekhaya komama ngiyenzani ngoba ubaba akafuni nokuyizwa indaba yakomalume phela ngikhulele phansi kwesandlasakhe manje uthi mina ngimbethwe ithongo lakubo kodwa Uma ngiya ebantwini bathi ngimbethwe ikhehla lakomalume yilo elivikelayo Eliza nesiphiwo sothandaza manje angazi ngizoli amukela kanjani ngoba mina ngikhuliswe nguye ubaba phansi kwesobongo sakhe ngihlezi naye ubaba noma mama
@mthokozisimthembu1160
@mthokozisimthembu1160 Жыл бұрын
Qadi ngicela ukubuza ukuthi ngiyohlala komalume kuze Kube yinini,
@godfredmoso9078
@godfredmoso9078 Жыл бұрын
Aiy wayithinti indaba enkulu Mapholoba sibaningi sibhekene naleyo nkiyankiya
@dablacknation9580
@dablacknation9580 Жыл бұрын
Sawbona mpunga yesitu..ngyaxolisa ngokuphuma esihlokwen kancane..bengicela ukubuza ukuthy ngabe inkomo kamam uma engasekho ubani okumele ayamukele kanjalo nakubaba..ngyabonga mkhulu
@MrMarcusMars
@MrMarcusMars Жыл бұрын
izingane zakhoke zobiza bani, zobiza isbongo sakwa bani?
@khanyisanimngadi8955
@khanyisanimngadi8955 Жыл бұрын
Uzoyizwa kupart 2 kodwa uzoktshela kuth yizoke ezivusa umuzi wakini
@amenmlitwa3120
@amenmlitwa3120 Жыл бұрын
Ngyabonga kakhulu Mkhulu ngokuthinta loludaba, kwazise ngihlobene kakhulu nalo.
@MchazileShandu-cn8mj
@MchazileShandu-cn8mj Жыл бұрын
Ngicela ukungicacisele ngowesifazane ukuthi yena fanele yini abizwe ngesibongo sikababa wakhe uma esenganile
@sibongisenimaphumulo
@sibongisenimaphumulo Жыл бұрын
Thokoza Ngicela ukubuza uyise uyathola na uma kwabiwa
@robertnguse5339
@robertnguse5339 Жыл бұрын
Yha uqinisile abantu abaningi baphila kahle aqale ukuhlupheka masethi uyobiza isibongo sakubo
@nkosingiphilengcobo8885
@nkosingiphilengcobo8885 Жыл бұрын
Lena yona yomalume abathi umshana wakha umuzi kayise imbudane impela. Ivamise ukwenziwa ilabomalume abasaba ukubangiswa imizi ngabashana
@simonmsiza7673
@simonmsiza7673 Жыл бұрын
Mkhulu qela ukubuza Mina ngingumtwana okomalume manje ngifuna ukuganwa manje nalosisi okomalume ibongo zokomalume ziyafana angazi ukuthi nginga games kuye kodwa zabobaba azifani qela ungivule amehlo Siyabonga
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Ayikho into okuwusibongo fana,Nina nihlobana ngabo mama yize bengabona bendlu eyodwa kodwa baphuma kukhokho oyedwa.
@SamkelisiweNyaba
@SamkelisiweNyaba 3 ай бұрын
Ngicela ukubuza ukuth ngishadile umyen wami wathola ingane ngaphandle nami nginayo kodw le ysngaphandle indala kuneyami . Manje sifuna ukuyifaka isphandla kumele eqale ngale yangaphandle ngob abakhiphelene lutho mase elandela ngale yasemshadweni
@watercloak
@watercloak Жыл бұрын
Cela u part 2 Mpunga ye sintu udalulele ukuthi ngabe umfana okhulele ko malume ngabe ngempela yena imphepho akayi shisi ekhulume nabadala ngisho noma egcagcile eseno muzi wakhe
@luckytau6331
@luckytau6331 Жыл бұрын
Mpunga, ku part 2 sacela uchaze ngabe kulisiko or umkhuba yin ukuth kudalulwe isbongo sako mshana enkundleni emshadweni/emgcagcweni. Makwande 🙏
@kwaneledamoyi2347
@kwaneledamoyi2347 Жыл бұрын
Lokho kungachaza ukuthi ngoganwa kuchaza ukuthi umlanjwana akazalanga mlanjwana.
@sinethembasifiso213
@sinethembasifiso213 Жыл бұрын
Mina ngbiza isbongo sikababa ngikhulela khona kwababa ngfisa ukwazi ukuthi mhla sengvusa umuzi isbongo salowomuzi siyobiza lesi sikababa or esakomalume. Bhuti ngizwe ngath ngokwalombukiso ubuthinte lakhona ubiza isbongo sikababa kodwa ukhulele komalume. Minake ngkhulele khona kweskababa
@jabulanijabulani1057
@jabulanijabulani1057 Жыл бұрын
Sawubona mpunga yesintu kuyiqiniso ukuthi ziyatholakala izincwadi zakho lapha esoweto nna? Ngiyabonga.
@solomzisiko626
@solomzisiko626 Жыл бұрын
Enkosi mpunga yesintu
@cebelihle
@cebelihle Жыл бұрын
Kunjalo nje mnewethu ukunjiki.
@sphesihlekubheka8889
@sphesihlekubheka8889 Жыл бұрын
Cela kubuza kwi mpunga kuthi ngabe Uma kuthi ubaba wakho njenge nsizwa wenza zonke izimfanela zokuthi ubizwe isbonge sakhe , Nakhona kusho kuthi uzobe uvusa umuzi kamkhulu ayi wayise
@siyaxaba4699
@siyaxaba4699 Жыл бұрын
Sikleza kogwansile wathinta indaba edide izwe Mpungayesintu mawusubuya no part2 waleshloko ngicela ukuth usicacisel ukuth mase ushadile kodw isbongo esikumazis esika baba umntu lo engimthathile kumele asebenzise siphi isbongo esikumazisi noma esakomalume “angith nje iMpungaaa”
@bonganikheswa7418
@bonganikheswa7418 Жыл бұрын
Kuyezwakala mpunga yesintu
@ndumisomkhatshwa7706
@ndumisomkhatshwa7706 Жыл бұрын
Manje isisekelo sengane zakho sikephi?
@thembamichael7575
@thembamichael7575 Жыл бұрын
Manje Mpunga nasele ziza anganeni ke uyozibhalisa ngesibongo sakomalume noma sakho?
@mzamokhumalo993
@mzamokhumalo993 Жыл бұрын
Nami bengicela ukucaciseleka lapho ngoba nami nginaleyo nkinga eyenziwa ubaba ongizalayo
@khanyisanimngadi8955
@khanyisanimngadi8955 Жыл бұрын
Zibiza esakho yizo ezivusa isibongo sakini
@fnbcheckers7106
@fnbcheckers7106 8 ай бұрын
Mpunga yesintu, uma usulelulile inxiwa lakomalume lapho oganelwe kona uzoyishisa kanjani impepho ungumshana?
@SphesihleShezi-pl5cr
@SphesihleShezi-pl5cr Жыл бұрын
Mmmm manjr mfwethu ingane zakho zobiza ithongo lako malume wakho?
@lindomakan
@lindomakan Жыл бұрын
Ngicela ukubuza Mpunga, isibongo sikayise uzolenza njani ekusaseni lakho ne ngane zakho kodwa ni bizwa ngesibongo sikayise ? uzoliyeka kanjalo nje noma kukhona uhlelo lakhona yini na ngoba nami nginalo lelo kinga. Angazi noma ngizoshadela ekhaya kagogo wami (Ma kaMama Wami) or noma ekhaya kaMama wami (koMalume) ? Kodwa isende likhona ngibiza isibongo sakhe.
@nqomkhize7862
@nqomkhize7862 Жыл бұрын
U Makoti wakho uba u-Mama Mbanjwa noma u Mam-Ngcobo?
@phiwokuhletrinity374
@phiwokuhletrinity374 Жыл бұрын
Ngicela ukubuza Mpunga Uma ukhule ubizwa ngesbongo sababa, waphinde wakhulela khona kababa kodwa umama nobaba bengashadile ngokphelele engabe ikuphi ekmele ukwenze?
@thulaneandries7523
@thulaneandries7523 Жыл бұрын
Ibuhlungu lenkulumo kimi ngibekane nayo leyonkinga
@muhlemkhize4076
@muhlemkhize4076 Жыл бұрын
Mpunga yesintu siyabonga manje nakhu okungididayo sengiganiweke komalume ngawandisa umuzi sengifuna ukwenzela izinganezami somting ngiyakwazi uzishiselamina impepho ngibuzangoba ngiyengizwe kuthiwa umshana akayishisi impepho?
@rawamothoa9935
@rawamothoa9935 Жыл бұрын
Mpunga….umbuzo, manje ke ma unina e khulisiwe nge s’bonga so malume wakhe naye enga mazi uyise wakhe wena nje nge ntsizwa uthata siphi ‘sbongo …?
@SihleGambu
@SihleGambu Жыл бұрын
Asibonge bhuti ngolwazi. Uma ubiza isibongo sikababa and ukhulele khona kubobaba, wahlawulwa kuphela. Bese unganwa I assume uyonganelwa komalume. But umbuzo wami uthi izingane zakho zona ziyobiza siphi isibongo? Ukhumbule ukuthi ID yakho ibiza uyiso.
@vukanimthembu3324
@vukanimthembu3324 Жыл бұрын
Gambu, ngake ngawbuza lom'buzo kuyo Impunga impendulo yangabuya. Ake ngilinde nawe mnewethu hleze ak'phendule wena.
@mandlantsele8785
@mandlantsele8785 Жыл бұрын
Mpuuunga, do you think your great grandfather's and grandmother's from paternal side will be happy if you reject them, because of your father's sins... remember you also caring their blood, regardless of your parents issues,iyangidida le ndaba nge sinye isikhathi n'gobha uyi gazi labo...but just want to know what if your father past on,then there's no one ozohamba ayo hlaula lapho ko malume...senza njani naa...u forget totally about your partenal side...hayi izima lento...se sithi njeee impuuuuungaaa.😭😭😭
@Mzwa7
@Mzwa7 Жыл бұрын
He doesn't forget them nakho ke he is Mbanjwa, yonke into yakho ibizwa ngabo o Mbanjwa as he explained. Their name wont die, today he had made them famous or known. Uchasisa ngendabo yomsamo lesisekelo.
@mandlantsele8785
@mandlantsele8785 Жыл бұрын
@@Mzwa7 but you don't get me...sisi wami I'm saying for how long he is going to phahla maternal side only...cos both sides took part in his creation....uthe ubiza only that surname,emsamo uphahla uNgqobo....I don't know you get me...
@Mzwa7
@Mzwa7 Жыл бұрын
@@mandlantsele8785 why should he phahla to a surname that does not have power over his life? Its a waste of time. They cant do anything for him, the power is with the maternal side.
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Ngisho noma kuthiwa awusafikanga ezingeni lokugcagcelwa noma lokugcagca,asesithi usuyabhubha ubhubhela ekhakho malume,mhla ukhishwa ngehubo lakhona usuyobekwa endaweni yokugcina,kuyabikwa kushiwo ukuthi lengane izalwa yintombi kulomuzi,bese kuthiwa mshana asikuxoshi,usibheke njalo siwomalume nabantwana bakini nomawakho,uze ungalahleki hamba uye ebantwini bakini obabamkhulu bakho,abanacala owayenecala uyihlo,kodwa manje konke sekufeziwe ngoba ngale akunasono,bese bebiza isbongo salapho kwakubikwe khona isisu.
@lihlengubentombi7918
@lihlengubentombi7918 Жыл бұрын
Musa ukubhibhidla wentsizwa ungakukhulumi ongakwazi
@Muzi_Nqotheni
@Muzi_Nqotheni Жыл бұрын
​@@lihlengubentombi7918 uma ungazi,ikhanda lakho ligcelwe ubulongo nothuvi,wovala lapho ofaka khona iphalishana
@thapelomemela8482
@thapelomemela8482 Жыл бұрын
Kuyazwakala mpunga,manje umakoti wakho yena kumazisi ubiza bani?ungcobo or Mbanjwa?
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Kumazisi akuhluphi zizobiza uMbanjwa,langifuna ukuzwa khona yilana emsamo okushu kuthi nakhona zobiza uNgcobo ngoba uyise wazo ethi usekeleke kwa Ngcobo.Ziyalilahla ithongo lakwa Mbanjwa ngenxa kamkhulu
@mtomuhlekambhele1090
@mtomuhlekambhele1090 Жыл бұрын
Ubiza uMbanjwa
@dumsanivilakazi3938
@dumsanivilakazi3938 Жыл бұрын
It is wrong ukubiza isibongo sikayise engathathanga umama its wrong isibongo its identity or brand mina inkinga ukubiza isibongo sikayise if likhula ibusiness kukhula nesibongo engizibiza ngaso so its wrong what your saying
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 Жыл бұрын
Ingabe isintu siyamhlonipha uNkulunkulu mdali wethu sonke noma siyamedelela? Isintu sibasiza ngani abantu njengoba sonke sinezinkinga sigcine sesifile nje?
@mzwakhethenjwayo3618
@mzwakhethenjwayo3618 Жыл бұрын
Njengoba abantu becindezelwe abelungu,bengenamisebenzi,bebulawa yindlala,kugcwele nenyaope,kukhona ne load shedding uthini uNkulunkulu,khona lasiceda khona?
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 Жыл бұрын
@@mzwakhethenjwayo3618 UNkulunkulu mdali wethu sonke wasipha ukuphila, umhlaba, umoya wokuphila, invula ukudla, ilanga, singabala sithini Acts 14:17, ngakho zonke lezinkinga esinazo emhlabeni zibangelwa ukuthi abantu abamethembi UNkulunkulu mdali wethu sonke Proverbs 3:5-6.
@robertnguse5339
@robertnguse5339 Жыл бұрын
Lezinto mngomezulu uyozibona masekufanele uganwe ukuth zikhona ungaziphilela nje usebenze kahle ukwenze konke kuvume kodwa umanqoba ukuganwa
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 Жыл бұрын
@@robertnguse5339 Kusho ukuthi anizazi izimpendulo zezinkolelo zenu Robert, mina sengina 30 years ngaganwa Robert.
@robertnguse5339
@robertnguse5339 Жыл бұрын
Uzalelwe ekhabo mawakho nawe uyihlo benonyoko abagcagcile kodwa wena uganiwe ngesibongo sakini wakha umuzi wakini ngaphandle kokuthi ubaba wakho akuhlawule uchaza lokho mawuthi una 30yrs uganiwe.nawe uzalwe ngalendlela ekukhulunywa ngayo lah
Kungani iDlozi lingene kabuhlungu kuMuntu?
19:24
Impunga Yesintu TV
Рет қаралды 19 М.
Uyakhishwa yini umlanjwana uma usuganiwe koMalume
17:49
Impunga Yesintu TV
Рет қаралды 4,3 М.
Survive 100 Days In Nuclear Bunker, Win $500,000
32:21
MrBeast
Рет қаралды 162 МЛН
Они так быстро убрались!
01:00
Аришнев
Рет қаралды 3,2 МЛН
Kids' Guide to Fire Safety: Essential Lessons #shorts
00:34
Fabiosa Animated
Рет қаралды 15 МЛН
Mshumayeli Majiya: Ukuzalwa wembethe
28:29
Mondli Mazibuko
Рет қаралды 10 М.
01 August 2024
6:10
Mantindane
Рет қаралды 390
Sithini Isintu Ngemimoya | Indaba Yesintu
50:21
Gagasi FM
Рет қаралды 29 М.
Cultural and Ancestral rights of a child born out of wedlock
10:41
Umsamo Institute
Рет қаралды 28 М.
Yini imfihlo enkulu yamanzi?
8:48
Umsamo Institute
Рет қаралды 75 М.
Kungiphatha kabi ukbona abantu bekholelwa kakhulu kwiBhayibheli
26:52
Impunga Yesintu TV
Рет қаралды 4,3 М.
IMBIZO NO:1 IZIMPANDE ZESINTU NOKUJULA KWAZO SIYATHOKOZA.
2:23:33
Uhambo Nemfihlo Kamoya
Рет қаралды 1,4 М.
Wenzanjani umthakathi okuthakathyo futhi umbonangani
37:04
HX MBOTHO
Рет қаралды 36 М.
Survive 100 Days In Nuclear Bunker, Win $500,000
32:21
MrBeast
Рет қаралды 162 МЛН